UMBUZO 1.1 ISIQEPHU A: ISIFUNDO SOKUQONDISISA Funda lesi…

Questions

  UMBUZO 1.1 ISIQEPHU A: ISIFUNDO SOKUQONDISISA Fundа lesi siqeshаnа esingezansi bese uphendula imibuzо elandelayо.     TEXT A ABANTU BAYAZIBULALA IZILIMI ZABO   1 Kuyadumaza ukubukelwa phansi kweziLimi zendabukо lapha eNingizimu Afrika. Kuyiqiniso ukuthi into ongayisebenzelanga kanzima awuyihloniphi. Intsha yanamhlanje iphila kangcono ngenxa yezithukuthuku zentsha eyazidela ngeminyaka eyadlula. Yayilwela ilungelo lokukhuluma izilimi zendabuko ngokukhululeka nokuthi zonke izilimi zinikwe isithunzi esifanayo. Ababephethe ngaleso sikhathi babefuna ezabo kube yizo ezihlonishwayo nezikhulayo, ezabamnyama zona zibukelwe phansi zinganakwa.   2 Intsha emnyama yangaleso sikhathi yayikwazi kahle ukuthi uLimi lwakho lubaluleke kanjani futhi lunguwe uqobo. Uma umuntu elubukela phansi uLimi lwakho usuke ekhombisa ukungakuhloniphi. Manje sesikhululekile, sekuyisikhathi sokuthi siziqhenye ngeziLimi zendabuko kanye namasiko ethu. Okubi ukuthi sinamahloni ngalezi ziLimi. Abazali banika izingane zabo amagama esiNgisi, baphinde basikhulume noma isidingo singekho baze balalele nomculo waso. Ngisho nasemasontweni abamnyama ufica kushunyayelwa ngaso isiNgisi. Konke okwethu sikubukela phansi.   3 Sekwakheka isithombe esingelona iqiniso sokuthi umuntu okhuluma kahle isiNgisi uhlakaniphile kanti naso siwuLimi njengezinye. Ukusikhuluma kahle kuyefana nokukhuluma isiZulu noma isiXhosa kahle. Lokhu kukwenza ubone ukuthi abantu abaningi sebakhohliseka, bakholwa ukuthi uma ukhuluma kahle isiNgisi ungcono kunabanye abantu futhi alukho olunye ulimi odinga ukulazi. Ukucabanga ngale ndlela akusho ukuthi uhlakaniphile. Ngesikhathi sobandlululo ayikho into abantu ababecindezelwe ababeziqhenya ngayo njengeziLimi zabo zendabuko, amasiko kanye nobuzwe babo. Kwakuchitheka igazi belwela ilungelo lokuthi lezi zinto zontathu zihlonishwe.   4 Kulesi sikhathi esiphila kusona manje abantu bayakhuthazwa ukuthi baziqhenye ngeziLimi zabo. Ngesikhathi sobandlululo abantu babefundiswa ngenkani iziLimi zalabo ababephethe. IsiBhunu ngolunye lwalezo zilimi abafundi ababephoqwa ukuthi balufunde. Bona-ke balwa bephikisana nalokhu. Kuyethusa ukuzwa umzali oMnyama onengane efunda ezikoleni ezixube izinhlanga esho ngokukhulu ukuziqhenya lokhu ethi: 'Mina ingane yami ngifuna ifunde isiNgisi nesiBhunu. IsiZulu izosenzani?'Lokhu kuvele kwenze ubone ukuthi uhlobo olunje lwabazali alulwazi usizi intsha yangaphambili eyadlula kulona ukuze sibe naleli lungelo lokuzikhethela uLimi esifuna ukulufunda ezikoleni. Kudala abantu babenikwa amagama amasha uma bethola umsebenzi. Babenikwa amagama abizeka kalula kubeLungu. Ungake ucabange nje ukuthi uma namhlanje ungaphucwa igama lakho unikwe igama elizothandwa nguthisha esikoleni ofunda kusona kungabanjani? Ngaphezu kwalokho unikwe igama ongalazi nokuthi lisho ukuthini.   5 Ukuziqhenya ngolimi lwakho akusho ukuthi ungabe usazifunda ezinye iziLimi. Kuhle ukusazi isiNgisi, usikhulume, usibhale futhi usifunde kahle. Okubi ukuthi wazi sona kakhulu kodwa olwakho uLimi ube ungalwazi. Lokho kusho ukuthi ukhetha ukuzicindezela wena ngokwakho nakuba sewanikwa inkululeko. Akukhona ukuhlakanipha ukuthuthukisa uLimi lwezinye izizwe ube ulubukela phansi olwakho. Funda olwakho ulimi kuqala uziqhenye ngalo ngoba uNkulunkulu akenzanga iphutha ngokukunika lona, bese-ke uzifunda nezinye. Ukwazi izilimi eziningi kuhle futhi kungakuvulela amathuba amaningi empilweni kodwa yazi futhi uziqhenye ngolwakho ulimi kuqala. [Usashunwe kuphephandaba ilanga]   RIGHT CLICK ON THE BUTTON BELOW TO OPEN TEXT A IN A NEW TAB     

_____ is аlsо knоwn аs directing, mоtivаting, or influencing because it plays a major role in employee morale, job satisfaction, productivity, and communication.

When A2B Inc. hired its first disаbled emplоyee whо is cоnfined to а wheelchаir, the company installed ramps and railings at all entrances. A2B is _____ to help the disabled employee.