TEXT D   IMALI ELAHLEKILE 1 Eminyakeni emini…

Questions

  TEXT D   IMALI ELAHLEKILE 1 Eminyаkeni eminingi eyedlule imfuyо kаSikhоsаna bekuyisikhоnyane. Kodwa manje sesiyabalwa. Nezinkukhu ebaleni seziyabalwa. Intokozo jikelele kayisekho lapha ekhaya. Amashwa lapha ekhaya ayatetana. Selokhu aqala mhla uMthoko ebuya ekhaya ebathazela ngezinyawo, eshawayizela ngesikhinjana esincane sangaphansi. Izicathulo Kanye nebhantshi kungasekho. Wathi uma ebuzisiswa ukuthi izingubo zishonephi wathi akazi. Okukodwa akukhumbulayo yizithunzana ezimnyama ezisabantu athi wazibona evela esikoleni. 2 Zazimhleka ulimi, zimzungezela osengathi zifuna ukumbamba. Wagcina ekhala ememeza okwembuzi ihlatshwa. Uthi emva kwalokho akakhumbuli lothu olwenzeka. Uhlutshulwa izingubo nje uMthoko, emasontweni amabili adlule, Balahlekelwe yimali ebhekile lapha ekhaya. Babhudula umuzi wonke, lutho imali. Sekutholakala nokuthi ziningi nezimpahla ezidule esezinyamalele lapha ekhaya, akukho namkhondo olandelekayo. Yilapho-ke uSikhosana esevela khona nombono wokuthi ngcono bake bayokuzwa kwababonayo. UMthoko wezwakala ewenanela kakhulu lowo mbono wokuthi bayobhula. Waze waphakamisa negama lesanuzi athi kuthiwa asibhuli siyaqeqebula, sibiza umuntu ngegama. Nebala kwagcinwa kuyiwe kuso. 3 Isangoma sansondo  sakhuluma saziphikisa. Baze baqala ukuqwebula amehlo uma sesithi: “Ngibona nemoto ebomvu eyi-GTI. Le moto yembozwe yifu elimnyama bhuqe. Nantu nonyazi olubi luyihashula ngomlilo”. Bathatha izinduku zabo bahamba uma isangoma sithi kumele bakhiphe u-2000.00 ukuze sifike nasekhaya sizobethela yikhona sizobamba lesi silwane esithatha ngozwane lapha ekhaya. 4 Kawaphelanga amasonto amabili, yanyamalala iGTI ebomvu. Kwasa igalaji livuleke nge, imoto ingasabonwa. Wayedla amagwebu ensipho uSikhosane. Wayengesebhekeki eyibhubesi. Wadonsa izingcingo wathinta amaphoyisa. Atheleka ngokuphazima kweso. Apequlula, abuza imibuzo kwabomndeni, kwayaluza izinkulungwane zezinja zamaphoyisa ezithungatha umkhondo. Ekigcineni amaphoyisa acela ukuhamba noMthoko ukuze amphenye. Wala waphetha uSikhosana nengane yakhe. “Kungasa ngifile! Akukho ngne yami anihamba nayo lapha. Iyokwenziwani ejele?” Wagcina ngakho ukugoloza kodwa amaphoyisa agcina ehambe naye uMthoko. 5 Amaphoyisa athi ukumncwebancweba (inflicting) kancane, waligonyuluka lonke iqiniso oMthoko. Kanti ayadlala yini amaphoyisa? Kwavela obala ukuthi Isela libathazela khona lapha ebaleni. Liwungazeliswa yizidakamizwa. [IsiZulu Soqobo ibhanga 11, ikhasi 37]   Right click on button below to open TEXT D in a new page.  

Perfоrm the indicаted оperаtiоn. Give the аnswer in lowest terms. ∙