UMBUZO 1.1 ISIQEPHU A: ISIFUNDO SOKUQONDISISA Funda lesi…

  UMBUZO 1.1 ISIQEPHU A: ISIFUNDO SOKUQONDISISA Funda lesi siqheshana esingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.     TEXT A     IPHUPHO LIKAPHINDI   1 Iphupho likaPhindi lokuba nebhizinisi lakhe lamenza wabeka imali. Yathi ingafinyelela ku-R2 000, wavula ibhizinisi lokuthunga izikhumba. Leli khono, uPhindi wayelifundiswe indoda yasePakistan ayeyisebenzela. Esaqala ukuthunga, uPhindi wayethunga izingubo zemishado zomakoti. Ngaphezu kwezingubo zomshado, uPhindi wayebuye athunge namajazi, amabhantshi, izingubo, iziketi kanye nokunye. Izingubo zomshado zifuna indawo ehlanzekile.   2 Lokhu kwamenza wathatha isinqumo sokuyeka ukuzithunga. Wabhekana nokuthunga izimphahla zokugqoka ngoba isikhumba siyangcolisa. Izingubo zomshado uzithunga nje uma kwenzeka kuba khona othile okhethekileyo ocela amthungele. Uthi ngelanga uthunga amajazi amade amathathu. UPhindi usebenzela egaraji. Waqala ukuthunga esasebenza. Ukuthuthuka kwebhizinisi lakhe lokuthunga kwamenza wathatha isinqumo sokwesula emsebenzini. Wayefuna ukuba nesikhathi esanele sokubhekana nebhizinisi lakhe.   3 UPhindi useze waqasha abantu ababili abamsizayo kanti ufisa ukugcina ebhalise inkampani yakhe ngokusemthethweni. Imali ayenzayo yanele ukuba akhokhele abamsizayo aphinde agcine nezidingo zakhe zempilo. UPhindi wenza isiqiniseko ukuthi izingubo azithungela abantu zingcono kunalezo azithungela zona yena. Inkinga abuye abhekane nayo eyokungakhokhelwa ngesikhathi yilabo abathungelayo. Sewaze wakhetha ukuphoqa amakhasimende akhe ukuthi akhokhe idiphozithi ngaphambi kokuba aqale umsebenzi. Ezinganeni zikaPhindi ezinhlanu, ayikho nayinye efisa ukwenza lo msebenzi wakhe. [Uthathwe kusolezwe] RIGHT CLICK ON THE BUTTON BELOW TO OPEN TEXT A IN A NEW TAB         

  UMBUZO 1.2: Funda lenkondlo elandelayo bese uphendula im…

  UMBUZO 1.2: Funda lenkondlo elandelayo bese uphendula imibuzo ezolandela.   TEXT B SIBUYILE ISITHUNZI   Sibuyile isithunzi, Kimi kwakunamanxeba angapholi, Kimi kwakunenzondo engapheli, Kimi kwakunokuxokozela kwafuthi Okwakungibelesele ngaphenduka inhlekisa Ngangabuqonda ngempela ubumina.   Sibuyile isithunzi, Bangokha ngensini ngoba ngiqome uNomfundo Bathi ngizenza ngcono ngoba ngihlafuna nolukajoji, ngikhipha isibhunu ngamakhala.   Sibuyile isithunzi, Ukuhlakanipha kwemvelo Kunyathelwa ngukuhlakanipha emhlabeni. Ngiyalibonga igalelo lalezo zinsiswa nezintombi Zona ezingakhathalanga noma kunzima   Sibuyile isithunzi, Zabekezela kunzima kusinda kunjalo Zayibamba kuhlengeleza izinyembezi Asala khona amaqhawe namaqhawekazi Alale kulwile ukulwa okuhle.     RIGHT CLICK ON THE BUTTON BELOW TO OPEN TEXT B IN A NEW TAB   

ISIQEPHU C: UKUFINQA UMBUZO 3 TEXT D Fundisisa lesi siqeshan…

ISIQEPHU C: UKUFINQA UMBUZO 3 TEXT D Fundisisa lesi siqeshana esingezansi bese usifingqa ngamaphuzu ayi-7. IMIYALELO: 1.    Bhala ngemisho ephelele. Amagama angama-50 kuya kwangama-60. 2.    Imisho yakho mayibe nezinombolo kusukela kweyoku-1 kuya kweye-7. 3.    Bhala iphuzu elilodwa emshweni ngamunye. 4.    Ekugcineni kwamaphuzu wonke owabhalile, bhala inani lamagama owasebenzisile.   TEXT D   ISIKHIYE ESIVULA YONKE IMINYANGO. 1 Imfundo isikhali sokuhlahla endlela ebukeka ingelula kodwa ihambeke.Imfundo uma vula kuvaliwe.Imfundo Ilona kusasa elizoqhakazisa impilo yakho ingabe isafana nakuqala.Imfundo ithulizi lazo zonke izimpi emhlabeni jikelele.Mfunda nawe. 2 Cha bakwethu iqiniso lilihle nje isikole asilulanga kodwa kubiza umuntu ngamunye ukuthi ame isibindi abekezele ngoba ukuze uphumelele empilweni kumele usebenze kanzima.Kulo mhlaba obhubhayo sidinga ukuqinisa kakhulu emfundweni ngoba siyabona izwe esiphila kulo selaphila ngezindlela ezisheshayo bathi lena yemfundo indlela iyathathela. 3  Ngiyayiqakambisa imfundo yesimanje ngoba isibhekelela lonke uhlobo lomuntu.Ngalokhu ngichaza ukuthi uma unguntwana othanda ukupheka noma ophiwe ngase kuphekeni izikole sezafaka izifundo zokupheka.Uma ungumfundi othanda ezemidlalo usungawafeza amaphupho akho okuba ngumdlali oqavile kanjalo uma ungumuntu ophiwe ngase kudwebeni ezikoleni sezikhona izifundo zabadwebayo.Funda mntwana ekhaya balinde wena uzosuka ikati eziko.khohlwa abangani, khohlwa omakhelwane, khohlwa okwasemhlabeni. [umbhalo wokuziqambela]   RIGHT CLICK ON THE BUTTON BELOW TO OPEN TEXT D IN A NEW TAB