UMBUZO 1 ISIQEPHU A: ISIFUNDO SOKUQONDISISA Fundisisa le ncw…

UMBUZO 1 ISIQEPHU A: ISIFUNDO SOKUQONDISISA Fundisisa le ncwadi engezansi bese uphendula imibuzo ezolandela.   TEXT A         10345 Lilly street                                                                                       Marshall                                                                                          2140                                                                                             07 kuNhlaba 2021 Mfowethu   1 Ngibhala lencwadi ukuze ngidlulise ukubonga ngazo zonke izinto osungenzele zona njengoba wazi ukuthi siyizintandane. Ngithanda nokubonga nangemali owangifakela yona ebhange. Ingxenye yale mali ngathenga ngayo omncamnce (sweets) njengoba ngangibungaza usuku lwami lokuzalwa. Salidla ikhekhe nabafundi ekilasini lesiZulu. Uthisha wethu uMnu. Ngcobo wajabula kakhulu ukuba nathi ekilasini ngesikhathi kudliwa ikhekhe. Uyazifela ngekhekhe, wamamatheka njalo. Enye -ke imali ngayishiya ebhange.   2 Mfowethu ngiyazi ukuthi usebenza kanzima ukuze ngikwazi ukufunda kulesi sikole. Kunzima kakhulu kuwena njengoba nabazali sebasishiya emhlabeni. Ngithanda wazi mfowethu ukuthi ngibonga kakhulu, ngithi Radebe! Bhungane…! Nami ngizimisele ukusebenza kanzima ngingakuphoxi.   3 Imiphumela yethu yesigamu sesbili sonyaka izophuma maduze nje. Ngiyathemba ukuthi uzojabula uma usuyibona. Isifundo ebesinzima eZendawo, kodwa ezinye ngicabanga ukuthi ngiziphumelele ngamalengiso. Ngilindele amaphesenti angama-86 kwiZibalo nakweZezwe. Ngijabule kakhulu uma ngizwa ukuthi ngithole umfundaze wokufundela ezobunjiniyela e-UKZN ngonyaka ozayo. Ngiyethemba nawe mfowethu uzojabula ukuzwa lezi zindaba. Abangani bami uZack noDebora bona bazoya kofunda eWits. Mina angithandanga ukuya eWits ngoba angithandi ukwandisa izindleko kuwe. Ngibone ukuthi kuzodula kakhulu ukuya kofunda kude nekhaya, ikakhulukazi kulezi zinsuku ngoba kubhikishwa (protest) njalo emanyuvesi ethu. Ukubuya njalo ekhaya ngenxa yeziteleka kungabiza kakhulu. Ngifuna ukuqeda imfundo yami ngikuso lesi sifundazwe sakithi. Ngibone ukuthi uzokhokha imali eningi ngoba kukude eWits. Lapha e-UKZN kuzoba lula ngoba ngizofunda ngihlala ekhaya.   4 Ngijabula kakhulu ukuthi ngizofunda eduze nasekhaya, kodwa kuzoba buhlungu ukuhlukana nabangane bami esesifunde nabo iminyaka eminingi. Kodwa -ke mfowethu impilo injalo. Ngiyazi ukuthi ngizobathola abanye abalungile e-UKZN. Kuyangithokozisa ukwazi ukuthi ngizokwandisa abangane abaningi empilweni yami. Ngizozikhethela abangane abathanda ukusebenza njengoZack NoDebora. Angifuni ukuphoxa abomfundaze wami ngoba ngifuna bangifundise ngize ngiqede izifundo zami zobunjiniyela. Ngifuna uziqhenye ngami mfowethu njengoba ngangiwuzinyobulala kubazali. Indlela osebenza ngayo iyangikhuthaza mfowethu.   5 Kungabe wena usasebenza kahle lapho eWelkom? Ngiyafisa ukuthi ubuye ngonyaka ozayo uzosebenza lapha eThekwini. Ngiyazi ukuthi kade wawuzama ukuthola umsebenzi eThekwini. Qhubeka uzame mhlawumbe ucilo uzozishaya endukwini (luck) mfowethu. Isizungu sokuhlala ngedwa singibulele kule minya ka emibili. Ngibonga abangane bami ngoba bayangivakashela ngezinye izinsuku. Isizungu sisiqeda ngezincwadi kuphela. Mfowethi, sengibona izinsuku zihamba kancane. Ngifisa zisheshe ukuze sibonane ngokuphela kwenyanga uma usuvakashele ekhaya. Imiphumela yethu yesigaba sesibili kufanele ukuthi izobe isifikile. Sizoyibuka nawe ujabule. Sala kahle mfowethu. Yimina udadewenu uNokuthula     Right click on the button to open TEXT A on a new page    

A woman presents at 32 weeks for her routine prenatal care v…

A woman presents at 32 weeks for her routine prenatal care visit. Her BP today is 164/110. She has gained 4 lbs since her last visit 2 weeks ago. She has 3+ proteinuria and her platelet count is 156,000. She reports a headache with visual changes. Her diagnosis at this time is:

  UMBUZO 5: Fundisisa lesi siqeshana esingezansi bese uphe…

  UMBUZO 5: Fundisisa lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo ezolandela.     TEXT F     UKUPHUMELELA     Isikhathi esiningi abantu abangaphumeleli bahlala benezizathu zokungaphumeleli kwabo. Basola abanye, bakhale ngemvelaphi yabo, isimo emphakathini, imithetho kaHulumeni nokungafundi. Ophumelelayo uzitshela ukuthi noma zikhona lezi zinto ezibalwe ngenhla kodwa uzophumelela. Umuntu ofisa/ofuna impumelelo uyazi ukuthi izinkinga ngeke zingabi khona kodwa akazivumeli ukuthi zime endleleni yakhe yokuphumelela. Akalindi ukukhuthazwa abanye ukuze aphumelelise iphupho lakhe. Akasoli muntu ngobunzima azithola ekubona ngenxa yokufuna ukufeza iphupho lakhe.   Uyazi ukuthi nguyena okufanele asebenze kanzima ukuze amaphupho akhe aphumelele. Umuntu ofuna impumelelo kumele adele okuthile, njengokuzijabulisa, ukuchitha isikhathi nabangani, nobuthongo imbala kanye nomndeni wakhe. Impumelelo akuyona eyabo bonke abantu, kodwa ngeyabantu abanomqondo ohlakaniphile. [Umbhalo wokuziqambela]   RIGHT CLICK ON THE BUTTON BELOW TO OPEN TEXT C IN A NEW TAB