ISIQEPHU D: UKUSETSHENZISWA KOLIMI TEXT E UMBUZO 4:  Funda i…

ISIQEPHU D: UKUSETSHENZISWA KOLIMI TEXT E UMBUZO 4:  Funda isiqeshana ngezansi bese uphendula imibuzo ezolandela   Abantu besifazane abaningi batholakala sebenenkinga yesikhumba ngenxa yokuthi basebenzisa okhilimu bokukhanyisa isikhumba abatholakala ngisho emgwaqeni. Okhilimu nemijovo yokukhanyisa isikhumba banekhemikhali eyingozi i-quinine, uhulumeni athola ukuthi ayikulungele ukusetshenziswa ngabantu, wase eyikhipha yonke imikhiqizo enayo. Ngebhadi le mikhiqizo ibuyile futhi nabantu bayayithenga.      RIGHT CLICK ON THE BUTTON BELOW TO OPEN TEXT E IN A NEW E IN A NEW TAB     

  ISIQEPHU C: UKUFINGQA UMBUZO 3 Fundisisa lesi siqeshana…

  ISIQEPHU C: UKUFINGQA UMBUZO 3 Fundisisa lesi siqeshana esingezansi bese usifingqa ngamaphuzu ayi-5   IMIYALELO: 1.    Bhala ngemisho ephelele. Amagama angama-50 kuya kwangama-60. 2.    Imisho yakho mayibe nezinombolo kusukela kweyoku-1 kuya kweye-5. 3.    Bhala iphuzu elilodwa emshweni ngamunye. 4.    Ekugcineni kwamaphuzu wonke owabhalile, bhala inani lamagama owasebenzisile.       TEXT D   ISIKHATHI SIKAKHISIMUSI(CHRISTMAS TIME) 1 Ukugcwala kakhulu kwezincwadi emabhokisini amathathu eposini laseTshwane ezivela ezinganeni eziningi ezweni lonke, kukubeke kwacaca ukuthi u-Fada Chrisimasi (father christmas) useyindoda edume kakhulu emhlabeni. Selokhu uqalile uDisemba ziningi kakhulu izingane esezibhalele u-Fada Chrisimasi izincwadi zicela izipho zikaKhisimusi ezahlukene. 2 Iningi lezingane zisuke zibhala izincwadi ngoba ziziphathe kahle unyaka wonke futhi zibona zikufanele ukuthengelwa izipho. Ezinye zisuke zivulela le ndoda eziyethembayo isifuba. ‘Ngicela ungitshelele udadewethu owashona eminyakeni emithathu eyadlula ukuthi ngiyamthanda futhi ngiyamkhumbula’, lawa ngamagama akhona kwezinye zezincwadi. Lezi zincwadi zikhombisa ukuthi u-Fada Chrisimasi usathandwa kakhulu yizingane. 3 Ezinye izincwadi zizithinta kakhulu izinhliziyo zabantu ngoba izingane zikhipha konke okusezinhliziyweni zazo. Enye yezincwadi ezibheke ku-Fada Chrisimasi ithi: ‘Ngicela usivakashele ekhaya lezingane ungiphathele unodoli Ngicela futhi ungiphe umama ozoba ngowami ngedwa.’ 4 Izingane eziningi zicela amafoni nonodoli kodwa kukhona lezo ezicela izinto ezixakile ezifana nezikhiye.Lezo zingane ezingakwazi ukubhala kahle ziyaye zidwebe izipho ezizicela ku-Fada Chrisimasi ngoba ziziphathe kahle unyaka wonke, ngoba azibadelelelanga abantu, ziwenzile umsebenzi wazo wesikole kanti zizame konke okusemandleni ukuthi zingazilumi izinzipho. [umbhalo wokuziqambela] RIGHT CLICK ON THE BUTTON BELOW TO OPEN TEXT D IN A NEW TAB